U-Esteri 4:1-4

U-Esteri 4:1-4 ZUL59

UMoridekayi esekwazi konke okwenziweyo, uMoridekayi waziklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu yamasaka nomlotha, waphumela phakathi komuzi, wakhala ngokukhala okukhulu okumunyu; waya naphambi kwesango lenkosi, ngokuba kwakungekho ongangena esangweni lenkosi embethe indwangu yamasaka. Kuzo zonke izifunda lapho kwafika khona izwi lenkosi nomthetho wayo, kwaba khona ukulila okukhulu phakathi kwabaJuda, nokuzila ukudla nokukhala ngezinyembezi, nokulila; abaningi balala phansi bembethe izindwangu zamasaka nomlotha. Izintombi zika-Esteri nezinduna zakhe zafika zamtshela lokho; inkosikazi yazwiswa kakhulu ubuhlungu; yathuma izingubo zokumembathisa uMoridekayi, yasusa kuye ingubo yakhe yamasaka; kepha akazamukelanga.