Kwabase-Efesu 6:10-15

Kwabase-Efesu 6:10-15 ZUL59

Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu. Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane; ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini. Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime. Ngakho yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifakile isivikelo sesifuba sokulunga, izinyawo zigqokisiwe ukulungela kukho ukushumayela ivangeli lokuthula