UmShumayeli 9:1-12

UmShumayeli 9:1-12 ZUL59

Ngokuba konke lokho ngakubeka enhliziyweni yami ukuhlola konke lokho ukuthi abalungileyo nabahlakaniphileyo nemisebenzi yabo kusesandleni sikaNkulunkulu; noma kuluthando noma kuyinzondo, akukho muntu okwaziyo; konke kusebusweni babo. Konke kungabehlela bonke, olungileyo nomubi, omuhle nohlambulukileyo nongcolileyo, onikela ngomhlatshelo nongenawo umhlatshelo, omuhle abe njengesoni, ofungayo njengowesaba isifungo. Kubi lokhu kukho konke okwenziwa phansi kwelanga ukuthi bonke behlelwa yinto inye; ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu zigcwele ububi, nobuhlanya busezinhliziyweni zabo besekhona, andukuba baye kwabafileyo. Ohlangene nabo bonke abaphilayo kukhona ithemba kuye, ngokuba inja ephilayo ingcono kunengonyama efileyo. Ngokuba abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi lutho, futhi abasenawo umvuzo, ngokuba ukukhunjulwa kwabo sekukhohlakele. Uthando lwabo, nokuzonda kwabo, nomhawu wabo sekuphelile, futhi abasenaso isabelo nanini kukho konke okwenziwa phansi kwelanga. Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho. Izingubo zakho mazibe mhlophe ngezikhathi zonke, nekhanda lakho malingasweli amafutha. Thokoza ngokuphila nomkakho omthandayo zonke izinsuku zokuphila kwakho okuyize, oziphiwayo phansi kwelanga zonke izinsuku zakho eziyize, ngokuba lokhu kuyisabelo sakho kulokho kuphila ngomshikashika wakho owushikashikayo phansi kwelanga. Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona. Ngabuye ngabona phansi kwelanga ukuthi ukujaha akuyi ngabanejubane, nokulwa ngamaqhawe, nesinkwa ngabahlakaniphileyo, nengcebo ngabaqondileyo, nomusa ngabanokwazi, ngokuba bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba. Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe; njengezinhlanzi ezibanjwa enetheni elibi nezinyoni ezibanjwa ogibeni, kanjalo amadodana abantu abekelwa isihibe ngesikhathi esibi, lapho siwehlela ngokuzumayo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo