UmShumayeli 7:13-14

UmShumayeli 7:13-14 ZUL59

Bona umsebenzi kaNkulunkulu, ngokuba ngubani ongelula lokho akugobileyo na? Yenama ngosuku lwenhlanhla, kepha ngosuku olubi qonda ukuthi nalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo, ukuze umuntu angafumani lutho oluyakuba khona emva kwakhe.