UmShumayeli 6

6
1Kukhona ububi engibubonile phansi kwelanga ukuthi bunzima phezu kwabantu: 2 umuntu uNkulunkulu amnika ingcebo, nemfuyo, nodumo, aze angasweli lutho lomphefumulo wakhe kukho konke akufisayo, uNkulunkulu angamniki nokho amandla okudla kukho, kepha kudliwa ngumfokazi; lokho kuyize, kuyisifo esibi.
3Uma umuntu ezala abantwana abayikhulu, ehamba iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, kodwa umphefumulo wakhe ungasuthi ngokuhle, futhi angabi nakumbelwa, ngithi okuphuphumileyo kungcono kunaye, 4ngokuba kufika ngeze, kumuke ebumnyameni, igama lakho lisitshekelwa ngubumnyama. 5Nelanga akulibonanga, akwazi lutho; khona kunokuphumula kunaye. 6 Yebo, noma ephila iminyaka eyinkulungwane ephindwa kabili, engaboni okuhle, abayi bonke endaweni inye na?
7Wonke umshikashika womuntu wenzelwa umlomo wakhe,
nokho iphango alaneliswa.
8 Ngokuba ohlakaniphileyo udluleleni isiwula,
nompofu okwazi ukuhamba phambi kwabaphilileyo
unantoni na?
9Kungcono ukubona kwamehlo
kunokuzulazula kwesifiso;
nalokhu kuyize nokufuna umoya.
10 Okukhona kwake kwabizwa ngegama;
kwaziwa ukuthi umuntu uyakuba yini;
akanakwahlulelana nonamandla kunaye.
11 Lokhu kukhona amazwi amaningi
akwandisa okuyize,
umuntu unanzuzoni na?
12Ngokuba ngubani okwaziyo okuhle okuyakuba ngokomuntu ekuhambeni kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe okuyize aziqedayo njengesithunzi na? Ngubani ongatshela umuntu okuyakuba semva kwakhe phansi kwelanga na?

Okuqokiwe okwamanje:

UmShumayeli 6: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume