UmShumayeli 5:8-10

UmShumayeli 5:8-10 ZUL59

Uma ubona ukudlovelwa kwabampofu nokuphangwa kokwahlulela nokokulunga ezweni, ungamangali ngakho, ngokuba omkhulu uqaphela omkhulu kunaye, futhi kukhona nabakhulu kunabo. Inkosi esebenzela amasimu iyinsizakalo yezwe kukho konke. Othanda imali akayikusutha ngemali, nothanda okuningi akaneliswa yizithelo; nalokho kuyize.