UDuteronomi 8:11-18

UDuteronomi 8:11-18 ZUL59

Xwaya, funa ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho ngokungagcini imiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla, funa lapho usudlile wasutha, nalapho usuwakhile izindlu ezinhle, wahlala kuzo, kwandile izinkomo zakho nezimvu zakho, kwandile nesiliva lakho negolide lakho, kwandile konke onakho, inhliziyo yakho bese yiphakama, ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila, wakuhola ehlane elikhulu nelesabekayo elinezinyoka ezinesihlungu nawofezela nomhlabathi owomileyo, lapho kwakungekho manzi khona; wakuvezela amanzi edwaleni lensengetsha; wakupha imana* ehlane, oyihlo ababengalazi, ukuba akuthobise, akuvivinye, akwenzele okuhle ngasekugcineni, uze uthi enhliziyweni yakho: ‘Amandla ami nezikhwepha zesandla sami kunginike le mfuyo.’ Kepha womkhumbula uJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba nguyena okupha amandla okuzuza imfuyo ukuba amise isivumelwano sakhe asifungela oyihlo njenganamuhla.