UDuteronomi 8:1-10

UDuteronomi 8:1-10 ZUL59

“Yonke imiyalo engikuyala ngayo namuhla niyakuyigcina niyenze ukuba niphile, nande, ningene ukulidla izwe uJehova alifungela oyihlo. Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma ubuyakuyigcina imiyalo yakhe noma qha. Wakuthobisa-ke, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana* obungalazi, bebengalazi futhi oyihlo, ukuba akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova, yikho umuntu aphila ngakho. Izingubo zakho azikugugelanga, nonyawo lwakho aluvuvukalanga le minyaka engamashumi amane. Wokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena. “Woyigcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, umesabe. Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho useyakungenisa ezweni elihle, izwe elinemifudlana yamanzi, nemithombo, nezinzulu eziphuphuma ezigodini nasezintabeni, izwe likakolweni, nelebhali,* nelemivini, nelemikhiwane, nelamapomegranati,* izwe leminqumo enamafutha, nelezinyosi, izwe lapho uyakudla khona isinkwa kungekho kuswela; awuyikudinga lutho; izwe elimatshe alo ayinsimbi, nelizintaba zalo ungemba kuzo ithusi. “Uyakudla usuthe, umbonge uJehova uNkulunkulu wakho ngezwe elihle akunike lona.