UDuteronomi 7:12-15

UDuteronomi 7:12-15 ZUL59

“Kuyakuthi ngokuba nilalela lezi zahlulelo, nizigcine, nizenze, uJehova uNkulunkulu wakho uyakugcina isivumelwano nawe nomusa awufungela oyihlo, akuthande, akubusise, akwandise, abusise nenzalo yesisu sakho, nesithelo somhlabathi wakho, namabele akho, newayini lakho, namafutha akho, nenzalo yezinkomo zakho, nokwanda kwezimvu zakho ezweni alifungela oyihlo ukuninika lona. Uyakubusiswa ngaphezu kwezizwe zonke, kungabikho mlisa nowesifazane oyinyumba phakathi kwenu noma phakathi kwezinkomo zenu. UJehova uyakususa kuwe zonke izifo, angabeki kuwe izifo ezimbi zaseGibithe ozaziyo, kepha azifake phezu kwabo bonke abakuzondayo.