UDuteronomi 1:3-7

UDuteronomi 1:3-7 ZUL59

Kwathi ngomnyaka wamashumi amane ngenyanga yeshumi nanye ngolokuqala lwenyanga uMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli njengakho konke uJehova amyale ngakho ukuba akukhulume kubo, esenqobile uSihoni inkosi yama-Amori, owahlala eHeshiboni, no-Ogi inkosi yaseBashani, owahlala e-Ashitaroti ngase-Edireyi. Ngaphesheya kweJordani ezweni lakwaMowabi uMose waqala ukuchasisela lo mthetho ngokuthi: “UJehova uNkulunkulu wethu wakhuluma kithi eHorebe, wathi: ‘Sekuyisikhathi eside nihlale kule ntaba; phendukani nihambe, niye entabeni yama-Amori nasezindaweni zonke eziseduze nakhona e-Araba, ezintabeni, nangenzansi, naseningizimu, nangasogwini lolwandle, ezweni lamaKhanani, naseLebanoni, kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe.