Khona uNebukadinesari wayaleza ngolaka nangokufutheka ukuba kulethwe oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego. Base beletha lawo madoda phambi kwenkosi. UNebukadinesari wathatha wathi kuwo: “Kungamabomu yini, Shadiraki, Meshaki, no-Abedi Nego ningakhonzi unkulunkulu wami, ningakhuleki esithombeni segolide engisimisileyo, na? Manje uma nilungele ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, negenkle, nehabhu,* nomqangala, nogubhu, negemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwa, niwe phansi, nikhuleke esithombeni engisenzileyo, kuhle; kepha uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngasona leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; ngumuphi lowo nkulunkulu oyakunikhulula ezandleni zami na?”
OShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego baphendula, bathi enkosini: “Nebukadinesari, thina asidingi ukukuphendula kule ndaba. Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi. Kepha noma kungenjalo, makwazeke kuwe nkosi ukuthi asiyikukhonza onkulunkulu bakho, ngeke sakhuleka esithombeni segolide osimisileyo.”
Khona uNebukadinesari wagcwala ukufutheka, nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa yoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sishiswe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okuke kwabonwa sishiswa ngakho. Wayeseyaleza amadoda anamandla asempini yakhe ukuba abophe oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego, abaphonse esithandweni somlilo ovuthayo. Aboshwa-ke lawa madoda egqoke amayembe, namabhulukwe, nezigqoko, nezinye izingubo, aphonswa phakathi kwesithando somlilo ovuthayo. Ngalokho ngokuba isiyalezelo senkosi sasicindezele, nesithando somlilo sasishisa kakhulu, ilangabi lomlilo lawabulala lawo madoda abakhuphula oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego. Kepha lawa madoda amathathu, oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego, awela phansi eboshiwe phakathi nesithando somlilo ovuthayo.