UDaniyeli 10:2-6

UDaniyeli 10:2-6 ZUL59

Ngalezo zinsuku mina, Daniyeli, ngangilila amasonto amathathu apheleleyo. Ngangingadli isinkwa esithandiweyo, nenyama newayini akungenanga emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye kwaze kwaphelela amasonto amathathu. Ngosuku lwamashumi amabili nane lwenyanga yokuqala, ngiseceleni komfula omkhulu iHidekeli, ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nango umuntu embethe ilineni, ebhince okhalweni igolide elicwengekileyo lase-Ufazi. Umzimba wakhe wawunjengekrisolithe,* nobuso bakhe bunjengokubonakala konyazi, namehlo akhe enjengezibani zomlilo, izingalo zakhe nezinyawo zakhe zinjengokubengezela kwethusi eliphucuziweyo, nezwi lamazwi akhe linjengezwi lesixuku.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UDaniyeli 10:2-6