KwabaseKolose 3:1-10

KwabaseKolose 3:1-10 ZUL59

Ngakho uma navuswa kanye noKristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKristu, ehlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu; nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni. Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihliwe noKristu kuNkulunkulu; nxa ebonakaliswa uKristu ongukuphila kwethu, khona-ke nani niyakubonakaliswa kanye naye ekukhazimuleni. Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe, okuza ngakho ulaka lukaNkulunkulu, ekade nihamba kukho nani, lapho nisahlezi kukho; kepha kalokhu nani manilahle konke lokho, ulaka, nokuthukuthela, nobubi, nokuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo aphuma emlonyeni wenu; ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe, nembethe omusha, owenziwa musha abe nokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo