KwabaseKolose 2:11-15

KwabaseKolose 2:11-15 ZUL59

enasokela kuye futhi ngokusoka okungenziwanga ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, ngokusoka kukaKristu; nimbelwe kanye naye ngombhapathizo, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo. Nani-ke ebenifile ngeziphambeko nangokungasoki kwenyama yenu wanenza nibe ngabaphilayo kanye naye esithethelela zonke izono zethu; esehlangule incwadi yecala lethu, emelana nathi ngemiyalo yayo, wayeyisusa ngokuyibethela esiphambanweni; ebaphucile ababusi nabanamandla izikhali wabathela ngehlazo obala, ebanqoba ngaso.