KwabaseKolose 1:25-29

KwabaseKolose 1:25-29 ZUL59

engenziwa isikhonzi salo ngokwesimiso sikaNkulunkulu enganikwa sona maqondana nani ukuba ligcwaliswe izwi likaNkulunkulu, ngisho imfihlakalo ebifihlakele selokhu kwaqala izikhathi nezizukulwane, kepha kalokhu yambuliwe kwabangcwele bakhe; okubona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yaleyo mfihlakalo phakathi kwabezizwe, enguKristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo; okunguye esimshumayelayo, siluleka wonke umuntu, sifundisa wonke umuntu ngokuhlakanipha konke, ukuze simise wonke umuntu ephelele kuKristu, engikusebenzelayo futhi, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.