KwabaseKolose 1:15-20

KwabaseKolose 1:15-20 ZUL59

yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongenakubonwa, izibulo lezidalwa zonke, ngokuba kwadalelwa kuyo konke okusezulwini nasemhlabeni, okubonwayo nokungenakubonwa, nokuba kuyizihlalo zobukhosi, nokuba kuyimibuso, nokuba kuyizikhulu, nokuba kuyiziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa yona; yona ingaphambi kwakho konke, nezinto zonke zimi ngayo; yona iyinhloko yomzimba, ngisho ibandla, engukuqala, izibulo kwabafileyo, ukuze yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke, ngokuba kwaba kuhle kuye ukuba ukugcwala konke kuhlale kuyo nokuba ngayo abuyisane nakho konke esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo, yebo ngayo, nokuba kuyizinto ezisemhlabeni nokuba ngezisezulwini.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseKolose 1:15-20