IzEnzo 9:32-43

IzEnzo 9:32-43 ZUL59

Kwathi uPetru ehambela izindawo zonke, wehlela nakwabangcwele abakhe eLida. Wafumana khona umuntu othile ogama lakhe lingu-Eneya, owayeselele ecansini iminyaka eyisishiyagalombili efe uhlangothi. Khona uPetru wathi kuye: “Eneya, uJesu Kristu uyakuphilisa; vuka, wendlule icansi lakho.” Wayesevuka masinyane. Bambona bonke abakhe eLida naseSarona, baphendukela eNkosini. EJopha kwakukhona umfundikazi othile ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uDorka ngokuhunyushwa; yena wayenemisebenzi eminingi emihle nokwabela abampofu izipho. Kwathi ngalezo zinsuku wagula, wafa; sebemgezile bambeka ekamelweni eliphezulu. Kepha iLida laliseduze neJopha; ngakho-ke abafundi sebezwile ukuthi uPetru ukhona lapho, bathuma kuye amadoda amabili emncenga ethi: “Ungalibali ukuza kithi.” Wayesesuka uPetru, wahamba nabo. Esefikile, bamyisa ekamelweni eliphezulu; abafelokazi bonke beza kuye bekhala, bembonisa izambatho nezingubo abezenzile uDorka esenabo. Kepha uPetru wabakhipha bonke, waguqa ngamadolo, wakhuleka, waphendukela esidunjini, wathi: “Thabitha, vuka!” Wayesevula amehlo akhe, wabona uPetru, walulama. Yena wambamba ngesandla, wamsukumisa. Wayesebiza abangcwele nabafelokazi, wambeka phambi kwabo ephilile. Kwezwakala lokho kulo lonke iJopha; abaningi bakholwa yiNkosi. Wayesehlala izinsuku eziningi eJopha kwaSimoni umshuki.

Funda IzEnzo 9