IzEnzo 8:1-4

IzEnzo 8:1-4 ZUL59

Kepha uSawulu wayevumelene nabo ngokubulawa kwakhe. Ngalolo suku kwavela ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli bodwa. Amadoda akholwayo ammbela uStefanu, amkhalela isililo esikhulu. Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni. Abahlakazekileyo base behamba, beshumayela izwi levangeli.

Funda IzEnzo 8

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IzEnzo 8:1-4