IzEnzo 7:35-40

IzEnzo 7:35-40 ZUL59

“UMose lowo abamalayo bethi: ‘Ubekwe ngubani ube ngumbusi nomahluleli na?’ nguyena amthumayo uNkulunkulu ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni, abe ngumbusi nomhlengi. Yena lowo wabakhipha enza izimangaliso nezibonakaliso ezweni laseGibithe, naseLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engamashumi amane. “Nguye uMose lowo owathi kubantwana bakwa-Israyeli: ‘UNkulunkulu uyakunivusela umprofethi kubafowenu onjengami.’ Nguye lowo owayesebandleni ehlane kanye nengelosi eyakhuluma naye entabeni yaseSinayi kanye nawobaba, nowamukela amazwi okuphila, ukuze aninike wona. “Kepha obaba abavumanga ukumlalela, kodwa bamhlohloloza, babuyela emuva eGibithe ngezinhliziyo zabo, bathi ku-Aroni: ‘Senzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu; ngokuba uMose lowo owasikhipha ezweni laseGibithe, asazi ukuba wehlelwe yini.’

Funda IzEnzo 7

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IzEnzo 7:35-40