IzEnzo 4:8-13

IzEnzo 4:8-13 ZUL59

Khona uPetru egcwele uMoya oNgcwele wathi kubo: “Nina babusi bezizwe namalunga, nxa sibuzwa namuhla ngomsebenzi omuhle kumuntu ogulayo ukuthi yena usindiswe ngani, makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwa-Israyeli ukuthi ngegama likaJesu Kristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, amvusayo uNkulunkulu kwabafileyo, ngaye umi lo muntu phambi kwenu esindile. Yena uyitshe eladelelwa yinina bakhi, eselaba yinhloko yegumbi. “Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.” Kwathi bebona isibindi sikaPetru noJohane, beqonda ukuthi bangabantu abangafundile, bayimifunda nje, bamangala; babazi ukuthi kade benoJesu

Funda IzEnzo 4

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IzEnzo 4:8-13