IzEnzo 4:23-37

IzEnzo 4:23-37 ZUL59

Sebeyekiwe baya kwabakubo, babika konke abapristi abakhulu namalunga abekushilo kubo. Bona sebezwile baphakamisa izwi kuNkulunkulu nganhliziyonye, bathi: “Somandla, wena owenza izulu, nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, owasho ngoMoya oNgcwele ngomlomo kababa uDavide inceku yakho ukuthi: “ ‘Kungani ukuba abezizwe baxokozele, nabantu bacebe okuyize, na? Amakhosi omhlaba aqhelile, nababusi bayihlanganyele iNkosi noGcotshiweyo wayo.’ “Ngokuba ngempela oHerode, noPontiyu Pilatu, kanye nabezizwe, nabantu bakwa-Israyeli bayihlanganyela kulo muzi iNceku yakho engcwele uJesu owamgcobayo ukuzakukwenza lokho okumiswe ngaphambili yisandla necebo lakho ukuba kwenzeke. Manje-ke, Nkosi, bheka ukusongela kwabo, unike izinceku zakho ukuba zikhulume izwi lakho ngaso sonke isibindi ngokwelula isandla sakho ukuphulukisa, kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngegama leNceku yakho engcwele uJesu.” Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo lapho bebebuthene khona, bagcwaliswa bonke nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi. Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; akwabakho noyedwa owasho ngezimpahla zakhe ukuthi ngezakhe, kodwa bakuhlanganyela konke. Abaphostoli baveza ngamandla amakhulu ubufakazi ngokuvuka kweNkosi uJesu; umusa omkhulu wawuphezu kwabo bonke. Kwakungekho oswelayo phakathi kwabo; ngokuba bonke ababengabanikazi bamazwe noma bezindlu bathengisa ngakho, baletha imali yalokho abathengise ngakho, bayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli; kwaba yilowo nalowo wabelwa njengokuswela kwakhe. Kwathi uJosefa owathiwa ngabaphostoli uBarnaba, okungukuthi ngokuhunyushwa indodana yenduduzo, umLevi waseKhupro ngokuzalwa, enensimu, wathengisa ngayo, waletha imali, wayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli.

Funda IzEnzo 4