IzEnzo 3:11-26

IzEnzo 3:11-26 ZUL59

Esabambelele koPetru noJohane, bonke abantu bagijimela kubo emphemeni othiwa okaSolomoni, besaba kakhulu. Khona uPetru ebona lokho wathatha wathi kubantu: “Madoda akwa-Israyeli, nimangalelani ngalona, nisigqolozelelani ngokungathi simenze ukuba ahambe ngawethu amandla nangokwethu ukukholwa na? UNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe, uNkulunkulu wawobaba bethu uyidumisile iNceku yakhe uJesu enayikhaphela, nayiphika ebusweni bukaPilatu, yena esenqumile ukuyikhulula; kepha nina namphika oNgcwele noLungileyo, nacela ukuba niphiwe ongumbulali, nayibulala iNkosi yokuphila ayivusayo uNkulunkulu kwabafileyo, esingofakazi bakho thina. Ngokukholwa egameni layo lo enimbonayo nenimaziyo igama layo lamenza aqine, nokukholwa okungayo kumnike le mpilo phambi kwenu nonke. “Kalokhu, bazalwane, ngiyazi ukuthi nenza lokho ngokungazi njengabo ababusi benu. Kepha lokho uNkulunkulu akumemezela ngaphambili ngomlomo wabaprofethi bonke ukuthi uKristu wakhe uyakuhlupheka, ukugcwalisile kanje. Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu, ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa ezivela ebusweni beNkosi nokuba ithume uKristu Jesu enimmiselweyo, okumelwe ukuba izulu limamukele, kuze kube yizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, kusukela kwaphakade. UMose kambe wathi: ‘INkosi uNkulunkulu iyakunivusela umprofethi kubazalwane benu njengami, niyakumlalela kukho konke azakukukhuluma kini. Kuyakuthi wonke umuntu ongayikumlalela lowo mprofethi uyakuchithwa kubantu.’ “Yebo, nabaprofethi bonke, kusukela kuSamuweli nabalandelayo, bonke abakhulumileyo, bamemezela lezo zinsuku. Nina ningamadodana abaprofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenzayo nawoyihlo, ethi ku-Abrahama: ‘Ngenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.’ UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukunibusisa ngokuniguqula, kube yilowo nalowo kini ebubini bakhe.”

Funda IzEnzo 3

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo