IzEnzo 27:1-26

IzEnzo 27:1-26 ZUL59

Kwathi sekunqunyiwe ukuba siye e-Italiya ngomkhumbi, banikela uPawulu nezinye iziboshwa ezithile enduneni yekhulu, igama layo linguJuliyu, eyebutho likaKesari. Sangena emkhunjini wase-Adramitiyu obusuzakuya ezindaweni zangase-Asiya, u-Aristarku umMakedoniya waseThesalonika enathi. Ngangomuso safika eSidoni; uJuliyu wamphatha kahle uPawulu, wamvumela ukuba aye kubahlobo bakhe, ahlunyelelwe. Sasuka lapho, sagudla ngenzansi kweKhupro, ngokuba imimoya yayiphambene nathi. Sesidabulile ulwandle olungaseKhilikhiya nePhamfiliya safika eMira laseLikhiya. Lapho-ke induna yafumana umkhumbi wase-Aleksandriya oqonde e-Italiya, yasingenisa kuwo. Sesihambe kancane izinsuku eziningi saze safika kalukhuni ngaseKinidu, umoya ungasivumeli, sagudla iKrethe maqondana neSalimone, sagudla lona kalukhuni, safika endaweni ethile ethiwa Matheku Mahle; eduze nayo kukhona umuzi waseLaseya. Kwathi sekudlulile isikhathi eside, sekuyingozi ukuhamba ngomkhumbi, ngokuba isikhathi seNzilo sase sidlulile, uPawulu wabaluleka, wathi kubo: “Madoda, ngiyabona ukuthi lolu hambo luzakuba nengozi nokuchithakala okukhulu, kungabi ngokwempahla nokomkhumbi kuphela kepha nokokuphila kwethu.” Kepha induna yekhulu yethemba umshayeli womkhumbi nomniniwo kakhulu kunalokho okwakhulunywa nguPawulu. Njengokuba itheku lalingalungile ukuhlala khona ebusika, iningi labo laluleka ukuba kusukwe khona, mhlawumbe kwenzeke ukuba bafinyelele eFeniksi, itheku laseKrethe elibheke entshonalanga yaseningizimu nasentshonalanga yasenyakatho, bahlale khona ebusika. Kuthe iningizimu isaphephetha kahle, bacabanga ukuthi sebetholile ababekuqondile, bakhuphula ihange,* bagudla iKrethe. Kepha emva kwesikhathi esingeside kwavuka kwehla kulo umoya oyisivunguvungu othiwa i-Ewurakiloni; kodwa umkhumbi usududulwa ungasenakubhekana nomoya, sayeka saqhutshwa nje. Kwathi sigudla ngenzansi kwesiqhingana esithiwa iKlawuda, sabamba isikebhe kalukhuni; sebe sikhuphulile basebenzisa izinto zokusiza, bawuzongolozela umkhumbi ngezintambo; kuthe besaba ukuthi bazakukhahleleka eSirti, behlisa izindwangu zomkhumbi, baqhutshwa kanjalo. Kuthe ukuba sibhengulwe kakhulu yisiphepho, ngangomuso bachitha umthwalo; kwathi ngolwesithathu balahla izimpahla zomkhumbi ngezandla zabo. Khona-ke ilanga nezinkanyezi zingasabonakali izinsuku eziningi, nesiphepho esingesincane siqinisa njalo, lase liphela ithemba lonke lokuba singasindiswa. Sekuyisikhathi eside bengasadli lutho, uPawulu wasukuma phakathi kwabo, wathi: “Madoda, ngabe nalalela mina, kanamuka eKrethe, naphepha kule ngozi nakulokhu kuchithakala. Kepha manje senginiluleka ukuba nime isibindi, ngokuba akuyikufa muntu kini, umkhumbi kuphela. Ngokuba ngalobu busuku bekumi ngakimi ingelosi kaNkulunkulu engingowakhe nengimkhonzayo, yathi: ‘Ungesabi, Pawulu; umelwe ukuma phambi kukaKesari; bheka, uNkulunkulu ukuphile bonke abahamba nawe emkhunjini.’ Ngalokho yimani isibindi, madoda; ngokuba ngiyakholwa nguNkulunkulu ukuthi kuzakuba njengalokho kukhulunyiwe kimi. Kepha simelwe ukukhahleleka esiqhingini esithile.”

Funda IzEnzo 27

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo