Kwathi esaziphendulela kanjalo, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Pawulu, uyahlanya; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.” Kepha uPawulu wathi: “Angihlanyi, Festu odumileyo, kodwa ngikhuluma amazwi ayiqiniso nawokuqonda. Ngokuba inkosi engikhuluma kuyo ngesibindi iyazi ngalezi zinto, ngokuba angikholwa ukuthi kukhona utho lwalokhu olufihlekile kuyo; ngokuba lokhu akwenziwanga engosini. Nkosi Agripha, uyakholwa ngabaprofethi na? Ngiyazi ukuthi uyakholwa.” U-Agripha wathi kuPawulu: “Kusilele kancane ungivumise ngibe ngumKristu.” UPawulu wayesethi: “Bengingafisa kuNkulunkulu ukuba, noma kukancane noma kukakhulu, kungabi wena wedwa kodwa bonke abangizwayo namuhla babe njengami, ngaphandle kwalezi zibopho.” Inkosi yayisisukuma nombusi noBernike kanye nababehlezi nabo; kwathi sebegudlukile, bakhuluma bodwa, bathi: “Lo muntu akenzi lutho olufanele ukufa noma izibopho.” Kepha u-Agripha wathi kuFestu: “Lo muntu ngabe ekhululiwe, uma ebengalidluliselanga kuKesari.”
Funda IzEnzo 26
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IzEnzo 26:24-32
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo