IzEnzo 24:24-27

IzEnzo 24:24-27 ZUL59

Kepha emva kwezinsuku ezithile wafika uFeliksi noDrusila umkakhe owayengumJudakazi, wabiza uPawulu, wamuzwa ngokukholwa nguKristu Jesu. Esakhuluma ngokulunga, nangokuzithiba, nangokwahlulela okuzayo, uFeliksi washaywa luvalo, waphendula wathi: “Okwamanje hamba; kepha nxa ngithola isikhathi, ngizakukubiza,” wethemba futhi ukuthi uzakunikwa imali nguPawulu; ngalokho wayehleze embiza, ekhuluma naye. Kepha sekuphelile iminyaka emibili, uFeliksi walandelwa nguPorkiyu Festu; kodwa uFeliksi efuna ukubongwa ngabaJuda washiya uPawulu eboshiwe.

Funda IzEnzo 24