Esezakungeniswa ekamu* uPawulu wathi enduneni yenkulungwane: “Ngivunyelwe ukuba ngisho utho na?” Yona yathi: “Uyasazi isiGreki na? Kanti awusiye yini lowo waseGibithe owambuka ngaphambi kwalezi zinsuku, waholela ehlane amadoda ayizinkulungwane ezine angababulali na?” Kepha uPawulu wathi: “Mina ngingumJuda waseTarsu laseKhilikhiya, ngingumuntu womuzi ongesiwo ongenalo udumo; ngiyacela, ake ungivumele ngikhulume kubantu.” Esemvumele, uPawulu wema esikhwelweni, waqhweba abantu ngesandla; sekuthe cwaka, wakhuluma ngolimi lwesiHeberu, wathi
Funda IzEnzo 21
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IzEnzo 21:37-40
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo