IzEnzo 2:41-47

IzEnzo 2:41-47 ZUL59

Ngakho abalamukeleyo izwi lakhe babhapathizwa, kwenezelwa ngalowo muhla abantu kungathi izinkulungwane ezintathu. Baqinisela njalo esifundisweni sabaphostoli, nasekuhlanganeni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni. Kepha kwaba yilowo nalowo muntu wehlelwa ngukwesaba; kwenziwa ngabaphostoli izimangaliso nezibonakaliso eziningi. Bonke abakholwayo babe ndawonye, bahlanganyela izinto zonke; bathengisa ngemfuyo nangempahla, babela bonke ngayo njengokuswela kwabo. Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo, bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.

Funda IzEnzo 2

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IzEnzo 2:41-47