IzEnzo 2:22-37

IzEnzo 2:22-37 ZUL59

“Madoda akwa-Israyeli, zwanini lawa mazwi: UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla nangezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phakathi kwenu, njengalokhu nazi nina uqobo lwenu, yena lo, esenikelwe ngesu elimisiweyo nangokwaziphambili kukaNkulunkulu, nambethela ngezandla zabangenamthetho, nambulala; lowo uNkulunkulu wamvusa ethukulula iminjunju yokufa, lokhu kwakungenakwenzeka ukuba abanjwe yikho. Ngokuba uDavide uthi ngaye: “ ‘Ngayibona iNkosi phambi kwami njalo, ngokuba ingakwesokunene sami, ukuze nginganyakaziswa. Ngalokho inhliziyo yami iyajabula, nolimi lwami luyethaba; ngisho nenyama yami iyakuhlala ngokwethemba. Ngokuba awuyikushiya umphefumulo wami eHayidese,* futhi awuyikuvuma oNgcwele wakho abone ukubola. Wangazisa izindlela zokuphila; uyakungigcwalisa ngokujabula ebusweni bakho.’ “Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa, nokuthi wembelwa, nokuthi ithuna lakhe lisekhona kithi nanamuhla. Ngakho lokhu engumprofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wayefungile kuye ngesifungo ukuthi enzalweni yokhalo lwakhe uyakubeka omunye esihlalweni sakhe sobukhosi, ebona kuse phambili, wakhuluma ngokuvuka kukaKristu ukuthi akashiywanga eHayidese,* nenyama yakhe ayibonanga ukubola. UJesu lo uNkulunkulu wamvusa, esingofakazi bakho thina sonke; ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo. Ngokuba uDavide akenyukelanga ezulwini, kepha yena uthi: ‘INkosi yathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.” ’ “Ngakho indlu yonke yakwa-Israyeli mayazi impela ukuthi uNkulunkulu umenzile iNkosi noKristu uJesu lo enambethela nina esiphambanweni.” Sebekuzwa bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPetru nakwabanye abaphostoli: “Madoda, bazalwane, siyakwenze njani na?”

Funda IzEnzo 2

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IzEnzo 2:22-37