IzEnzo 18:1-28

IzEnzo 18:1-28 ZUL59

Emva kwalokho wamuka e-Athene, wafika eKorinte. Wafumana khona umJuda othile ogama lakhe lingu-Akwila, wasePontu ngokuzalwa, owayesanda kufika ephuma e-Italiya, enoPrisila umkakhe, ngenxa yesimemezelo sikaKlawudiyu sokuba bonke abaJuda bamuke eRoma; weza kubo; lokhu wayemsebenzi munye nabo, wahlala nabo, basebenza. Ngokuba umsebenzi wabo kwakungukuthunga amatende. Washumayela esinagogeni* ngamasabatha onke, wazuza abaJuda namaGreki. Kepha sebefikile oSila noThimothewu behla eMakedoniya, uPawulu wakhathalela izwi, wafakaza kubaJuda ukuthi uJesu unguKristu. Kwathi benqaba, behlambalaza, wathintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu; mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.” Wasuka lapho, weza endlini yomuntu ogama lakhe linguThithiyu Justu, okhonza uNkulunkulu; indlu yakhe yayiseceleni kwesinagoge.* Kepha uKrispu umphathi wesinagoge* wakholwa yiNkosi kanye nendlu yakhe yonke, nabaningi babaseKorinte balalela, bakholwa, babhapathizwa. INkosi yayisithi kuPawulu ngombono ebusuku: “Ungesabi, kepha khuluma, ungathuli, ngokuba mina nginawe, akakho ozakukusukela, akulimaze, ngokuba nginabantu abaningi kulo muzi.” Wahlala khona umnyaka nezinyanga eziyisithupha efundisa izwi likaNkulunkulu phakathi kwabo. Kwathi uGaliyu engumbusi wase-Akhaya, abaJuda bamvukela uPawulu nganhliziyonye, bamyisa phambi kwesihlalo sokwahlulela, bathi: “Lo muntu uphendukisa abantu ukuba bakhonze uNkulunkulu ngokuphambene nomthetho.” Khona uPawulu esezakuvula umlomo, uGaliyu wathi kubaJuda: “O nina baJuda, uma bekuyicala noma ubugebengu obubi, bekufanele nginibekezelele; kodwa uma kungukuphikisana ngamazwi, nangamagama, nangomthetho wakini, ziboneleni nina; mina angithandi ukuba ngumahluleli walezo zinto.” Wayesebaxosha esihlalweni sokwahlulela. Khona bonke bambamba uSostene umphathi wesinagoge,* bamshaya phambi kwesihlalo sokwahlulela; kodwa uGaliyu akaze anaka lutho lwalokho. Kepha uPawulu esehlale khona izinsuku eziningi, wavalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya kanye noPrisila no-Akwila, esegundile ikhanda lakhe eKenikreya; ngokuba wayezibophe ngesifungo. Wehlela e-Efesu, wabashiya khona; kepha yena wangena esinagogeni,* washumayela kubaJuda. Kwathi bemncenga ukuba ahlale khona isikhathi esidana, akaze avuma, kepha wavalelisa wathi: “Ngizakubuyela futhi kini, uma uNkulunkulu evuma,” wayesesuka e-Efesu ngomkhumbi; esefikile eKesariya wakhuphuka wabingelela ibandla; wehlela e-Antiyokiya. Esehlale khona isikhathi esithile wamuka wadabula izwe laseGalathiya nelaseFrigiya ngokulandelana, eqinisa bonke abafundi. UmJuda othile ogama lakhe lingu-Apholo, wase-Aleksandriya ngokuzalwa, indoda efundileyo nenamandla emibhalweni, wehlela e-Efesu. Yena wayefundisiwe indlela yeNkosi; evutha emoyeni wakhuluma, wafundisa ngesineke izindaba eziqondene noJesu, azi ukubhapathiza kukaJohane kuphela; yena waqala ukushumayela ngesibindi esinagogeni.* Kwathi ukuba bamuzwe o-Akwila noPrisila, bamthatha bamchasisela indlela kaNkulunkulu ngesineke esikhulu. Esethanda ukudlulela e-Akhaya, abazalwane balobela abafundi bebayala ukuba bamamukele; esefikile wabasiza kakhulu abakholwayo ngomusa, ngokuba waphikisa abaJuda ngamandla phambi kwabantu, ekhomba ngemibhalo ukuthi uJesu unguKristu.

Funda IzEnzo 18

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo