IzEnzo 15:1-21

IzEnzo 15:1-21 ZUL59

Kwehla abathile eJudiya, bafundisa abazalwane ukuthi: “Uma ningasokwa ngomthetho kaMose, ningesindiswe.” Kuthe ukuba kuvele ukuphambana nokuphikisana okukhulu phakathi kwabo noPawulu noBarnaba, banquma ukuba oPawulu noBarnaba nabathile kubo bakhuphukele eJerusalema kubaphostoli namalunga ngaleyo ndaba. Ngalokho bephelekezelwe yibandla badabula iFenike neSamariya, balandisa ukuphenduka kwabezizwe, benzela bonke abazalwane intokozo enkulu. Sebefikile eJerusalema bamukelwa yibandla nabaphostoli namalunga, bakubika konke uNkulunkulu abekwenzile ngabo. Kepha kwasukuma abathile behlelo labaFarisi abakholwayo, bathi kumelwe ukuba basokwe, bayalwe ukugcina umthetho kaMose. Base bebuthana abaphostoli namalunga, ukuze bayihlole leyo ndaba. Sebephikisene kakhulu, wasukuma uPetru, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, niyazi ukuthi sekukade uNkulunkulu wakhetha phakathi kwenu ukuba abezizwe bezwe izwi levangeli ngomlomo wami, bakholwe. UNkulunkulu owazi inhliziyo wabafakazela, ebapha uMoya oNgcwele njengathi; futhi akahlukanisanga ngalutho phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokukholwa. Manje-ke nimlingelani uNkulunkulu ngokubeka ijoka entanyeni yabafundi, obaba nathi esasingenamandla okulithwala na? Kepha siyakholwa ukuthi sisindiswa ngomusa weNkosi uJesu ngandlelanye nabo.” Isixuku sonke sathula; babelalela oBarnaba noPawulu belanda ngezibonakaliso nangezimangaliso zonke uNkulunkulu abezenzile ngabo phakathi kwabezizwe. Kepha sebethulile, uJakobe wathatha wathi: “Madoda, bazalwane, ngilaleleni. USimeyoni uselandile ngokuhlela kukaNkulunkulu ekuqaleni ukuba athathele igama lakhe isizwe kubo abezizwe. Namazwi abaprofethi ayavumelana nalokho, njengalokho kulotshiwe ukuthi: “ ‘Emva kwalokho ngiyakubuya, ngiyakhe futhi indlu kaDavide ewileyo, ngibuye ngakhe okudilikileyo kwayo, ngiyimise, ukuze abaseleyo babantu kanye nabezizwe bonke bayifune iNkosi, elibizwe phezu kwabo igama lami,’ isho iNkosi ekwenza lokhu, okwaziwa kwaphakade. “Ngakho mina ngithi masingabakhathazi labo kwabezizwe abaphendukela kuNkulunkulu, kodwa masibalobele ukuba bayeke amanyala ezithombe, nawobufebe, nawokuqumbeleneyo, nawegazi. Ngokuba uMose unabo abashumayelayo emizini yonke kwasezizukulwaneni zasendulo efundwa emasinagogeni* amasabatha ngamasabatha.”

Funda IzEnzo 15