2 uSamuweli 22:1-51

2 uSamuweli 22:1-51 ZUL59

UDavide wakhuluma kuJehova amazwi aleli hubo mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule, wathi: “UJehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami; msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni. Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo, ngisindiswe ezitheni zami. “Ngokuba amaza okufa angihaqa; izikhukhula zokona zangethusa. Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa zangehlela. Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami kwangena ezindlebeni zakhe. “Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela; izisekelo zezulu zathuthumela, zaqhaqhazela ngokuba ethukuthele. Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo odlayo emlonyeni wakhe; amalahle avutha kuye. Wathobisa izulu, wehla; ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe. Wakhwela phezu kwekherubi,* wandiza; wabonwa emaphikweni omoya. Wenza ubumnyama bube ngamadokodo amphahlayo, amanzi aqoqane, amafu abe nzima. Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe kwavuthiswa amalahle omlilo. UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe. Wathuma imicibisholo, wabangquzula, yebo, nonyazi, wabadidizelisa. Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sikaJehova, ngokufutha komoya wamakhala akhe. Waselula isandla sakhe ephezulu, wangibamba; wangikhipha emanzini amaningi. Wangophula esitheni sami esinamandla nakubo abangizondayo, ngokuba base bengahlulile. Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami, kepha uJehova waba yinsika yami. Wangiphumisela endaweni ebanzi: wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami. “UJehova wangivuza ngokokulunga kwami; wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami. Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova; angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga. Ngokuba yonke imithetho yakhe yayiphambi kwami, nezimiso zakhe angizivumanga ukuba zisuke kimi. Ngangiphelele kuye; ngabuxwaya ububi. UJehova wayesebuyisela kimi njengokulunga kwami, njengokuhlanzeka kwami phambi kwamehlo akhe. “Kothembekileyo uyazibonakalisa ethembekile; kumuntu oqotho uyazibonakalisa eqotho; kohlanzekileyo uyazibonakalisa ehlanzekile; koyisigwegwe uyazibonakalisa enenkani. Uyasindisa abantu abathobekileyo, kepha amehlo akho aphezu kwabaqhoshileyo ukuba ubathobise. Ngokuba wena uyisibani sami, Jehova; uJehova uyakhanyisa ubumnyama bami. Ngokuba ngawe ngingahlasela impi; ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange. Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye. “Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova, ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na? UNkulunkulu uyangibhincisa amandla; uyenza indlela yami ilunge, yena owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi, angimise emagqumeni ami; ofundisa izandla zami ukulwa, ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi. Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho; ubumnene bakho bungikhulisile. Amabanga okunyathela kwami uwandisile; amaqakala ami awaxegi. “Ngazixosha izitha zami, ngazifica; angibuyanga ngingakaziqedi. Ngaziqeda, ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka; zawa phansi kwezinyawo zami. Wangibhincisa amandla okulwa; ababengivukele wabathobisa phansi kwami. Wangifulathelisela izitha zami, nabangizondayo ngabaqothula. Bakhala, kepha akubangakho osindisayo, nakuJehova, kodwa akaze aphendula. Ngabacolisisa njengothuli lomhlabathi; ngabagxoba, ngabalahla njengensila ezitaladini. “Wangikhulula ezimpini zabantu bami; wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza. Abafo bazithoba phansi kwami; banele ukungizwa nje ngendlebe, base bengilalela. Abafo babuna, baphuma ezinqabeni zabo bethuthumela. “UJehova usekhona malidunyiswe idwala lami; makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami, uNkulunkulu onginikile impindiselo, wathobisa izizwe phansi kwami; ongikhiphile ezitheni zami, wangiphakamisa phezu kwabangivukelayo, wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu. Ngalokho-ke ngizakukubonga phakathi kwabezizwe, Jehova, ngilihubele igama lakho. Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe; uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.”