2 uSamuweli 16:11-12

2 uSamuweli 16:11-12 ZUL59

UDavide wayesethi ku-Abishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilinini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani lo mBenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba uJehova ukhulumile kuye. Mhlawumbe uJehova uyakubheka usizi lwami, angibuyisele okuhle ngokungithuka namuhla.”