2 uSamuweli 1:11-12

2 uSamuweli 1:11-12 ZUL59

UDavide wayesebamba izingubo zakhe, waziklebhula kanye nawo onke amadoda ayenaye. Balila, bakhala, bazila ukudla kwaze kwahlwa ngenxa kaSawule, noJonathani indodana yakhe, nabantu bakaJehova, nendlu ka-Israyeli, ngokuba bebewile ngenkemba.