2 kaPetru 2:1-3

2 kaPetru 2:1-3 ZUL59

Kepha kwavela nabaprofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengokuba nakinina kuzakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso zamanga ezibhubhisayo, bephika noMbusi owabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo; nabaningi bayakulandela amanyala abo; ngenxa yabo indlela yeqiniso iyakuhlanjalazwa; nangokufisa bayakuthengiselana ngani ngamazwi obuqili, abakulahlwa kwabo kwamandulo akulibali nokubhujiswa kwabo akozeli.