2 AmaKhosi 11:1-3

2 AmaKhosi 11:1-3 ZUL59

U-Athaliya unina ka-Ahaziya esebonile ukuthi indodana yakhe ifile, wasuka wachitha yonke imbewu yenkosi. Kepha uJehosheba indodakazi yenkosi uJoramu, udadewabo ka-Ahaziya, wamthatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kwamadodana enkosi abulawayo, yena nomzanyana wakhe, ekamelweni lokulala; bamfihla ebusweni buka-Athaliya, waze wangabulawa. Wayenaye ethukusiwe endlini kaJehova iminyaka eyisithupha; u-Athaliya wabusa ezweni.