2 kwabaseKorinte 9:8-11

2 kwabaseKorinte 9:8-11 ZUL59

Kepha uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame, ukuze kuthi ninokwanela konke ezintweni zonke ngezikhathi zonke, nivame imisebenzi yonke emihle, njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Wahlaphaza, wapha abampofu; ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade.” Kepha yena onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa uyakulungisela evise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu, ukuze ezintweni zonke nicetshiswe kukho ukuphana konke okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu.