Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini. Ngenxa yalokho siyabubula, silangazelela ukwelakanyiswa ngendlu yethu yasezulwini, ngokuba sembethe yona, asiyikufunyanwa sihamba ze. Ngokuba thina esisekhona kuleli dokodo sibubula, sisindwa, ngokuba asithandi ukwambulwa kodwa ukwelakanyiswa, ukuze okufayo kugingwe ngukuphila. Kepha owasenzela khona lokho nguNkulunkulu owasipha isibambiso esinguMoya. Ngakho simi isibindi ngesikhathi sonke, sazi ukuthi, nxa ikhaya lethu lise semzimbeni, sahlukene nekhaya eliseNkosini; ngokuba sihamba ngokukholwa, asihambi ngokubona; simi isibindi, singathanda kakhulu ukwahlukana nekhaya elisemzimbeni, sihlale ekhaya eliseNkosini.
Funda 2 kwabaseKorinte 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 kwabaseKorinte 5:1-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo