2 iziKronike 5:1-6

2 iziKronike 5:1-6 ZUL59

Wawusuphela-ke wonke umsebenzi uSolomoni awenzela indlu kaJehova. USolomoni wangenisa izinto ezazingcweliswe nguDavide uyise, kanye nesiliva negolide, nazo zonke izitsha, wakubeka engcebeni yendlu kaNkulunkulu. Khona uSolomoni wabutha amalunga akwa-Israyeli, nazo zonke izinhloko zezizwe, izikhulu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli eJerusalema ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni. Onke amadoda akwa-Israyeli abuthana enkosini emkhosini wasenyangeni yesikhombisa. Esefikile onke amalunga akwa-Israyeli, amaLevi aphakamisa umphongolo. Akhuphula umphongolo, netende lokuhlangana, nazo zonke izinto ezingcwele ezazisetendeni, kwakhushulwa ngabapristi namaLevi. Inkosi uSolomoni nayo yonke inhlangano yakwa-Israyeli eyayihlangene kuyo babe phambi komphongolo behlaba izimvu nezinkabi ezingenakulotshwa, zingenakubalwa ngobuningi bazo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo