1 kuThimothewu 6:6-10

1 kuThimothewu 6:6-10 ZUL59

Yebo, ukumesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu, ngokuba asilethanga lutho ezweni; kusobala ukuthi singemuke nalutho futhi; kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho. Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni. Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 kuThimothewu 6:6-10