1 uSamuweli 20:35-42

1 uSamuweli 20:35-42 ZUL59

Kwathi ekuseni uJonathani waphuma, waya endle ngesikhathi abasimisile noDavide, umfana omncane enaye. Wathi kumfana wakhe: “Gijima, ufune imicibisholo engiyicibishelayo.” Esagijima umfana, wacibishela umcibisholo ngaphambi kwakhe. Umfana esefikile endaweni yomcibisholo uJonathani ayicibisheleyo, uJonathani wamemeza emva komfana, wathi: “Umcibisholo awungaphambi kwakho na?” UJonathani wamemeza emva komfana, wathi: “Shesha, ukhawuleze, ungemi.” Umfana kaJonathani waqoqa imicibisholo, wafika enkosini yakhe. Kepha umfana wayengazi lutho; oJonathani noDavide kuphela babeyazi le ndaba. UJonathani wanika umfana wakhe izikhali zakhe, wathi kuye: “Hamba, uziyise emzini.” Esehambile umfana, uDavide wavuka ngaseningizimu, wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhalelana, waze wakhala kakhulu uDavide. UJonathani wathi kuDavide: “Hamba kahle, lokhu sifungile sobabili igama likaJehova ngokuthi: ‘UJehova uyakuba phakathi kwami nawe naphakathi kwenzalo yami nenzalo yakho kuze kube phakade.’ ” Wavuka, wahamba; uJonathani wangena emzini.