1 uSamuweli 2:33-36

1 uSamuweli 2:33-36 ZUL59

Kepha angiyikumnquma umuntu wakho e-altare lami ukuba aqede amehlo akho, abangele usizi umphefumulo wakho; yonke inzalo yendlu yakho iyakufa isebudodeni bayo. “ ‘Lokhu kuyakuba yisiboniso kuwe esiyakwehlela amadodana akho amabili, oHofini noFinehasi; ngalusuku lunye bayakufa bobabili. Ngiyakuzivusela umpristi othembekileyo oyakwenza njengokusenhliziyweni yami nasengqondweni yami; ngiyakumakhela indlu eqinileyo; uyakuhamba phambi kogcotshiweyo wami kuze kube phakade. Kuyakuthi bonke abasele endlini yakho bafike bamkhothamele ngohlamvu lwesiliva neqebelengwane lesinkwa, bathi: “Ake ungibeke kwesinye sezikhundla zompristi ukuba ngidle ucezu lwesinkwa.” ’ ”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo