USamuweli wathi kuye wonke u-Israyeli: “Bhekani, ngilalele izwi lenu kukho konke enikushiloyo kimi, ngibekile inkosi phezu kwenu. Manje bhekani, inkosi iyahamba phambi kwenu; mina sengimdala, ngiyimpunga; nanka amadodana ami akini; ngihambile phambi kwenu kwasebusheni bami kuze kube namuhla. Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe inkabi kabani, ngithathe imbongolo kabani, ngikhohlisile ubani, ngicindezele ubani, ngamukele umvuzo esandleni sikabani ukuba ngifihle amehlo ami ngawo na? Ngiyakukubuyisela kini.” Bathi: “Awusikhohlisanga, awusicindezelanga, awamukelanga lutho esandleni samuntu.”
Funda 1 uSamuweli 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 uSamuweli 12:1-4
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo