1 kaPetru 1:1-12

1 kaPetru 1:1-12 ZUL59

UPetru, umphostoli kaJesu Kristu, kwabayizihambi abahlakazekile ePontu, naseGalathiya, naseKhaphadosiya, nase-Asiya, naseBithiniya, bekhethiwe ngokwaziphambili kukaNkulunkulu uYise ngokungcwelisa kukaMoya kukho ukulalela nokufafazwa ngegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kinina umusa nokuthula. Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu owabuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo, sibe nefa elingapheliyo, nelingenasisihla, nelingabuniyo, eniligcinelwe ezulwini; nina enilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa ukuba nibe nokusindiswa okulungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina; enithokoza ngakho, nokuba manje ngesikhashana, uma kudingeka, nidabukiswa ngezilingo eziyizinhlobonhlobo, ukuze ukuvivinywa kokukholwa kwenu okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo kufunyanwe kube ngukubongwa, nodumo, nokutuseka ekwambulweni kukaJesu Kristu; enimthanda ningambonanga, enithi ningamboni manje nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo netusekayo, namukela isigcino sokukholwa kwenu esiyinsindiso yemiphefumulo. Ngayo leyo nsindiso babefunisisa bephenyisisa abaprofethi ababeprofetha ngomusa obuzakuza kinina, bephenya ukuthi yisiphi nokuba sinjani isikhathi asikhombayo uMoya kaKristu owayekubo, efakaza ngaphambili ngezinhlupheko eziqondene noKristu nangenkazimulo eyakulandela zona; abambulelwe ukuba bangazikhonzi bona kepha nina ngalezo zinto enishunyayezwa zona manje ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, izinto ezizifisayo izingelosi ukuzibona.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 kaPetru 1:1-12