1 AmaKhosi 22:41-42

1 AmaKhosi 22:41-42 ZUL59

UJehoshafati indodana ka-Asa waqala ukubusa kwaJuda ngomnyaka wesine ka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli. UJehoshafati wayeneminyaka engamashumi amathathu nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka engamashumi amabili nanhlanu eJerusalema. Igama likanina lalingu-Azuba indodakazi kaShilehi.