1 AmaKhosi 17:6-16

1 AmaKhosi 17:6-16 ZUL59

Amagwababa amlethela isinkwa nenyama ekuseni, nesinkwa nenyama kusihlwa, waphuza emfudlaneni. Kwathi ekupheleni kwezinsuku umfudlana washa, ngokuba yayingekho imvula ezweni. Kwase kufika izwi likaJehova kuye, lathi: “Suka uye eSarefati elingeleSidoni, uhlale khona; bheka, ngiyalile lapho umfelokazi ukuba akondle.” Wayesesuka waya eSarefati; esefikile esangweni lomuzi, bheka, umfelokazi wayecakasha khona; wambiza wathi: “Ake ungilethele ingcosana yamanzi esitsheni, ngiphuze.” Esasuka ukuwalanda, wambiza wathi: “Ake ungilethele nocezu lwesinkwa esandleni sakho.” Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu wakho, anginalo neqebelengwane, kukhona kuphela ukhweshe lwempuphu embizeni nengcosana yamafutha ophisweni; bheka, sengicakashile izinkuni ezimbili, ukuze ngingene ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sikudle, sife.” Wayesethi u-Eliya kuye: “Ungesabi; hamba wenze njengokusho kwakho, kepha ngenzele mina kuqala iqebelengwane elincane ngakho, ulilethe kimi, andukuba uzilungiselele wena nendodana yakho. Ngokuba usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Imbiza yempuphu ayikuphela, nophiso lwamafutha aluyikuswela kuze kufike lolo suku uJehova anisa ngalo imvula emhlabeni.’ ” Wayesehamba, wenza njengokusho kuka-Eliya: kwadla yena, no-Eliya, nendlu yakhe izinsuku eziningi. Imbiza yempuphu ayiphelanga, nophiso lwamafutha aluswelanga njengezwi likaJehova alikhulumile ngesandla sika-Eliya.