URehobowamu waya eShekemi, ngokuba wonke u-Israyeli wayefikile eShekemi ukumbeka inkosi. Kwathi lapho uJerobowamu indodana kaNebati ekuzwile – ngokuba wayeseGibithe, lapho ayebalekele khona, ebalekele ubuso benkosi uSolomoni; wahlala-ke uJerobowamu eGibithe, kepha bathuma bambiza – uJerobowamu nebandla lonke lakwa-Israyeli beza, bakhuluma kuRehobowamu, bathi: “Uyihlo wenza ijoka lethu laba lukhuni; ngalokho yenza wena ube lula umsebenzi olukhuni kayihlo nejoka lakhe elisindayo owalibeka phezu kwethu, siyakukukhonza.” Wathi kubo: “Hambani izinsuku zibe zintathu, bese nibuyela kimi.” Basuka-ke abantu.
Funda 1 AmaKhosi 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 AmaKhosi 12:1-5
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo