1 kaJohane 4:4-6

1 kaJohane 4:4-6 ZUL59

NingabakaNkulunkulu nina bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni. Bona bangabezwe; ngalokho bakhuluma okwezwe, nezwe liyabezwa. Thina singabakaNkulunkulu; omaziyo uNkulunkulu uyasizwa, ongesiye okaNkulunkulu akasizwa. Ngalokho siyamazi umoya weqiniso nomoya wokuduka.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 kaJohane 4:4-6