1 kaJohane 2:12-14

1 kaJohane 2:12-14 ZUL59

Ngilobela nina bantwanyana, ngokuba nithethelelwe izono ngenxa yegama lakhe. Ngilobela nina boyise, ngokuba niyamazi yena okhona kwasekuqaleni. Ngilobela nina zinsizwa, ngokuba nimnqobile omubi. Nginilobele, bantwanyana, ngokuba niyamazi uYise. Nginilobele, boyise, ngokuba niyamazi yena okhona kwasekuqaleni. Nginilobele, zinsizwa, ngokuba ninamandla, izwi likaNkulunkulu lihlala kini, nimnqobile omubi.