1 kwabaseKorinte 15:17-23

1 kwabaseKorinte 15:17-23 ZUL59

Kepha uma uKristu engavuswanga, ukukholwa kwenu akusizi lutho, nisesezonweni zenu. Khona-ke nalabo asebalala bekuKristu babhubhile. Uma singabathembela kuKristu kulokhu kuphila kuphela, singabokukhalelwa kunabantu bonke. Kepha kalokhu uKristu uvusiwe kwabafileyo, engulibo lwabaleleyo. Ngokuba lokhu ukufa kweza ngomuntu, ukuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu. Ngokuba njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, ngokunjalo futhi kuKristu bonke bayakuphiliswa. Kepha yilowo nalowo ngesigaba sakhe: uKristu kuqala, bese kuba ngabangabakaKristu ekufikeni kwakhe

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 kwabaseKorinte 15:17-23