Kepha uma kungekho ukuvuka kwabafileyo, akavuswanga naye uKristu. Kepha uma uKristu engavuswanga kwabafileyo, ukushumayela kwethu kuyize, nokukholwa kwenu kuyize. Yebo, sifunyanwa singofakazi bamanga ngoNkulunkulu, ngokuba safakaza ngoNkulunkulu ukuthi wamvusa uKristu, angamvusanga kambe, uma kanti abafileyo bengavuswa. Ngokuba uma abafileyo bengavuswa, akavuswanga naye uKristu. Kepha uma uKristu engavuswanga, ukukholwa kwenu akusizi lutho, nisesezonweni zenu. Khona-ke nalabo asebalala bekuKristu babhubhile. Uma singabathembela kuKristu kulokhu kuphila kuphela, singabokukhalelwa kunabantu bonke. Kepha kalokhu uKristu uvusiwe kwabafileyo, engulibo lwabaleleyo.
Funda 1 kwabaseKorinte 15
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kwabaseKorinte 15:13-20
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo